uMgobandlovu umuthi wesizulu uyafutha, uyageza , uyaphalaza ngalo . Wenza izinto eziningi lomuthi uyakwazi ukusebenzisa ukubuyiseni umuntu owawuthandana naye , uyakwazi ukucela izinto kuwona noma ngabe yini oyifunayo , uyawusebenzisa kakhulu ekufuneni umsebenzi, umuthi wokuthandwa abelungu emsebenzini bakunyusele esikhudleni , badedele imali enengi . Uma kunomuntu okukweladayo uyasebenzisa lomuthi ekutheni umuntu abuyise imali yakho . iGobandlovu liyafakwa nasezikhafulweni uma ufuna ukubuyisa umuntu wakho liyaxutshwa neminye imithi yezikhafulo
Igobandlovu umuthi wesizulu wenza izinto eziningi uyagquma, uyageza, uyakhafula ngawo . Ukubuyisa umuntu wakho, ngegobandlovu Wenza izinto eziningi lo muthi igobandlovu liyaba isikhafulo uyakwazi ukulisebenzisa ukubuyiseni umuntu owawuthandana naye. Igobandlovu lilodwa uyakwazi ukucela izinto kuwona noma ngabe yini oyifunayo. Umuthi womsebenzi ngegobandlovu? Liyathakwa neminye imithi bese ulisebenzisa ukufuna umsebenzi. Umuthi wokuthandwa abelungu uyenzeka yini ngegobandlovu? igobandlovu liyawenza umuthi wokuthandwa abelungu emsebenzini baze bakunyusele esikhudleni. Liyawenza umuntu wokunyuselwa imali abelungu badedele imali eningi . Igobandlovu liyangena liyasebenza futhi ekubuyiseni isikweletu uma kukhona umuntu obaleke nemali yakho.
UMUTHI WENDODA ukuthi ikuthobele ikuhloniphe uyawenza ngegobandlovu. Uma ufuna indoda ikulalele.
Nontokozo Nonto NGZOCELA UKUTHATHA LELI THUBA NGIBINGELELE BONKE ABAKHONA KULEPAGE , AI NAMI NGITHI ANGIPHAKAMISE INDUKU IGOBANDLOVU NGAVUKA NGAPHALAZA NGALO NGITHI CELA UKUFICA IMALI YAMI YEGRANT IKHUPHUKILE NGIHOLA U900 KODWA NGIFICE U1200 ANGIKHOLWANGA NAM NGYABONGA KAKHULU
Xoli Maxoli Sanibonani bomkhulu nogogo ngicela ukubuza ukubuza ukuthi igobandlovu lingangisiza yini kumuntu wami selokhu sithandana akanandaba nami ungikhulumisa kuphela ngisho amasonto amathathu engangikhulumisi angiyiphathi ke eyokufona akafoni nhlobo noma engibizile kuze kufone mina kodwa ngithola ukuthi lo esiqomenaye uyamfonela njalo uyambiza wonke amasonto ngibona ngaye esepikla la kufcb ethi indodayakhe thina esiyiqomayo sidlala ngesikhathi siziphathisa ngestress And kunjalo ngempela ngoba nalast week ungibizile ngafika ntambama ekuseni ngambona nje ukuthi akasenaskhathi sami uthe esuka wayelungisa eswenka wangishiyela imali yokugibela wathi usayolungisa into zakhe ngithe sengisekhaya ngabona ngepost usisi uposte indoda isithombe esishuthwe ngaloskhathi manje akafune lutho oluhlangene nami kuyilapho mina ngisele naye yedwa ngibuhlungu bandla ngicela into engambuyisa ngisho kungaba iskhafulo
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |